uMfolozi Municipality
Injabulo kuhlatshwa isoyi lomgwaqo eFuyeni
Kuqhume umkikizo eFuyeni ku-ward 12 ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi oholwa uMhlonishwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi lo masipala wethula ukwakhiwa komgwaqo iNhlangwini Access Road wethula ne-High Mast Light namuhla mhlaka 04 September 2026. IMeya uBhengu obuye abe ngukhansela kule ward ubehambisana noSomlomo uKhansela uMkhangezeni Mthiyane, abahlonishwa amakhansela, izimenenja nabasebenzi beholwa uMqondisi wakwaTechnical Services uDr Manqoba Soni. IMeya uBhengu uthe abakulethile kuyisicelo esaphuma kuwo umphakathi kunomhlangano. Uveze ukuthi intuthuko yinto elekelela abantu abaningi isikhathi eside yingakho uma ubheka eMfolozi izicelo eziningi nezinhlelo eziningi abazidlulisele emphakathini imigwaqo.